U-Ramaphosa Uvunwe Inkantolo Kwele-CR17

Written by on 1 July, 2021

By: Lindelani Mbatha

Inkantolo yomthethosisekelo ithi umvikeli womphakathi, uBusisiwe Mkhwebane, akukho ezandleni zakhe ukuphenya imininingwane noma izindaba zangasese zabantu.

I-ConCourt isho kanjena ivumele nenkantolo yamajaji eGauteng, eyanquma ukuthi uMkhwebane kwakungamele aphenye imininingwano ethinta umkhankaso kamengameli uCyril Ramaphosa yango-2017, ngesikhathi esagaqele ukuhola iANC.

U-Mkhwebane wakhipha umbiko oveza ukuthi umengameli wasenga ezimithiyo ephalamende, ngodaba oluthinta imali yesikhwama sakhe iCR17.

Kulesisikhwama uRamaphosa wathola iminikelo yezigidi zamarandi kosomabhizinisi kanye nezinkampani ezahlukene, okufaka phakathi i-Africa Global Operations eyaziwa nge-BOSASA.

Konke lokhu kwaphumela obala emvakokuba owayengumholi we-DA uMmusi Maimane ebuze ukuthi uRamaphosa wayazi yini ngaleminikelo kanjalo nokuthi indodana yakhe uAndile yamukela lemali.

Ethula isinqumo uJustice Chris Jafta uthi umengameli uRamaphosa akahlomulanga nakancane kulemali futhi akazange asenge ezimithiyo ephalamede.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background