U-Ramaphosa Uxwayisa Nge-COVID Kwi-Phasika

Written by on 11 April, 2022

By: Zilungile Mkhize

Umengameli Cyril Ramaphosa usenxuse izakhamuzi kulolonke leli, ukuthi zingayishayi indiva imiyalelo yokuzivikela ku COVID-19, ukugwema ukubhebhetheka kwaleligciwane ngesikhathi sePhasika.

Usho kanjena nje, sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuba kufike impelasonto yePhasika, nokuyisikhathi esinebhizi enkulu kwabezenkolo namabandla.

Uthi ukuphela kwesikhathi senhlenhlekelele esihambisana nemigomo yokuvalwa kwezwe, akusho ukuthi negciwane le-COVID kalisekho, kodwa yimizamo kahulumeni yokubuyisela isimo kwesejwayelekile.

U-Ramaphosa uthi abantu mabaqhubeke nokuzivikela ngasosonke isikhathi, ikakhulu uma besezindaweni ezigcwele njengasemabandleni nakwezinye ezinabantu abaningi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background