U-SANRAL Uthi Kuzothatha Iminyaka Ewu-7 Ukulungisa uN2 noN3

Written by on 14 June, 2023

By: Pamella Majola

Oyisikhulu esiphezulu kwaSanral KwaZulu-Natal, uMabuyi Mhlanga uthi abashayeli abalindele ukuthi imigwaqo eyakhiwayo uN2 noN3 uzobuyela esimweni esijwayelekile eminyakeni engu-7 ezayo.

UMhlanga ubekhuluma nabezindaba eThekwini, ngezinhlelo zalesisikhungo zokulungisa imigwaqo emikhulu kuleli.

Lemigwaqo iningi layo lakhahlamezeka ngesikhathi isifundazwe sihlaselwa yizikhukhula ngonyaka owedlule.

Ukulungiswa kuka N2 kuzodla imali elinganiselwa kuR19 billion besekuthi uN3 wona udle uR20 billion wamarandi.

UMhlanga uthi bazoqinisekisa ukuthi kuthi kushaya u-2030 kube kuqedwa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background