U-SASOL Ufuna Bagome Ngenkani Abasebenzi
Written by Mfundo on 6 August, 2021
By: Zilungile Mkhize
Imfelandawonye yezinyunyana zabasebenzi iCOSATU kanye neFEDUSA isigxeke isinyathelo senkampani iSASOL, sokuzama ukuphoqa abasebenzi bayo ukuthi bagonywe ngenkani.
Lezinyunyana zithi ziningi izinto ezikhona kulenkampani abaqashi abangavumelani ngazo nabasebenzi.
Kulelizwe akekho umuntu ophoqiwe ukuba agomele iCOVID-19, yize uhulumeni ezinxusa zonke izakhamuzi ukuba zenze okufanele ngokuthola lomjovo.
Okhulumela iCOSATU uSizwe Pamla uthi iSASOL, isolwa nangokuyalela abasebenzi bayo ukuba bahlolele leligciwane masonto onke, futhi bazikhokhele bona lezo zindleko.
U-Pamla uthi njengezinyunyana, sebehlele ukuhlala phansi neziphathimandla zalenkampani ukudingida izikhalo zabansebenzi, baphinde bazame nokubakhuthaza ukuthi baye kogoma uma befuna.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.