U-SASSA Ubhekene Nengwadla Ngolwabahola u-R350

Written by on 20 January, 2022

By: Sthulile Mdletshe

Isikhungo esibhekelele ukukhishwa kwezibonelelo zikahulumeni, iSASSA, sesimememzele ukuthi sesihlangabezane nezinkinga kulabo abahola isibonelelo sabangasebenzi emabhange.

Oyiskhulu kwezokuxhumana kwa- Sassa uPaseka Letsatsi uthi uhlelo lokuvuselela izinkontileka namabhange yilona oluthatha isikhathi eside nokuphazamise izinsuku zokuhola.

Uveze nokuthi kuningi okumele kwenziwe njengoba kufanele baqinisekise imininingwane yabo bonke abantu, abangaphezulu kuka-10 million abathola lemali.

U-Letsasti uthi kulabo abahlomula ngalemali eposini bazoqhubeka nokuyithola ngesikhathi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background