U-SASSA Uxwayisa Osomathuba Abakoba Emaposini

Written by on 15 February, 2021

By: Lindelani Mbatha

Oyiskhulu esiphezulu kwaSASSA, uBusisiwe Memela, uthi ukhathazekile ngalabo ababambela abantu olayini emahhovisi ase-Post Office uma kuholwa imali yezibonelelo sikahulumeni

uMemela uphawula kanjena kulandela imibiko eveza ukuthi kunosomathuba asebebambela abantu abeze kulezikhungo olayini ukuze bezothola imali.

Ngenyanga eyedlule amaphoyisa athele abantu ebebembe ulayini ngamanzi emvakokubasola ngokungalandeli imigomo yeCOVID 19.

uMemela uthi ukubambelana olayini kudala incindezi ezikhungweni zabo, futhi zingadala ukuba kubhebhetheke nengciwane iCoronavirus.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background