U-Shenge Ubhoboka Ngomdonsiswano Wase Ndlunkulu
Written by Mfundo on 25 June, 2021
By: Lindelani Mbatha
UNdunankulu wesizwe samaZulu, Inkosi uMangosuthu Buthelezi, uthi ukhathazekile ukuthi ukhonjwa ngenjumbane njengophehla udweshu eNdlunkulu.
uButhelezi ubethulela abezindaba ngokuqhubeka eNdlunkulu.
uShenge uveze ukuthi uthole incwadi evela kumtwana uThembi Ndlovu-Zulu, okungudadewabo wesilo esesikhotheme uMdlokombane, emsola ngokudala uqhekeko eNdlunkulu, emvakokuba uShenge eluleke iSilo, uMisuzulu kaZwelithini, ukuba angayi ukuyohlangana namalunga aseNdlunkulu asefake isicelo sokuba kumiswe ukuqokwa kwakhe njengeSilo esisha.
uMisuzulu waqokwa kulesisikhundla emvakokukhothama kwebamba bukhosi uMantfombi Dlamini-Zulu, kodwa uNdlunkulu wokuqala kaNgangezwelakhe, uSibongile Dlamini Zulu kanjalo namazinyanye akhe aluthathe loludaba aliyisa enkantolo, bephikisana nencwadi yamafa eyashiwa yiSilo uZwelithini abasola ukuthi ikokotelwe.
uMtwana uThembi yena weseka uMtwana uSimakade ukuthi kube nguye ongena ezicathulweni zokuba yiSilo esisha samaZulu.
uButhelezi uthi akakwazi ukuxova ubukhosi abusebenzele isikhathi eside kangaka.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.