U-Simelane akakuncomi ukuvalwa kwezikole ngenxa ye hand, foot, and mouth disease.

Written by on 19 February, 2025

By: Sthulile Mdletshe

Umnyango wezempilo KwaZulu-Natal usukhuthaze ukuthi kuqhubeke ukufunda ezikoleni yize kubheduke isifo esithelelanayo esihlasele izingane ihand, foot and mouth disease.

Babalelwa ku-195 abafundi asebehlaselwe yilesifo selokhu siqale ukubonakala ekuqaleni kwalenyanga kanti kubilwa ukuthi sibheduke kakhulukazi ezikoleni zamabanga aphansi.

Ehambele esikoleni iLenham Primary ePhoenix, enyakatho yeTheku nokuyisikole sokuqala esibike ukubheduka kwalesi sifo, ungqongqoshe wezempilo eKZN uNomagugu Simelane uthi ukuvalwa kwamasango ezikole kusezandleni zomnyango wezemfundo kodwa bona njengomnyango wezempilo abaweseki lombono.

U-Simelane uthi bayaqhubeka nokusebenzisana nomnyango wezemfundo ukuqapha isimo.

Lalela i-Bulletin egcwele ngezansi:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background