U-Simelane unxusa izinyathelo zomthetho kwabakhuleliswa izingane ezincane.
Written by Phakeme Mnguni on 26 December, 2024
By: Xolani Khumalo
Ungqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane usenxuse abazali ukuthi mababike ngokusemthethweni amacala abesilisa abakhulelwisa izingane ezingaphansi kweminyaka engu-18 ubudala.
Usho lokhu njengoba izolo esibalweni sezingane ezingu- 47 ezizalwe ngoKhisimusi kube nomama abathathu abaneminyaka engu-15 kube oyedwa otete ena-13 ubudala, okushiye iningi labantu bemangele.
USimelane uthi ukuzala kwabantwana besayizingane kuyinkinga ekhona ngemiphakathi, kanti usegcizelele waphinde wanxusa ukuthi izigameko ezifana nalezi zibikwe emaphoyiseni futhi nawo athathe izinyathelo zokuvikela izingane.
Ungqongqoshe ubephelezwele uNdunankulu wesifundazwe uThami Ntuli bavakashele omama ababesanda kuteta isibhedlela iVictoria Mnxenge, ukubahambisela izipho.