U-Steenhuisen Ugadla Kwi-ANC

Written by on 2 March, 2022

By: Sthulile Mdletshe

Iqembu le-DA lithi umbiko we-State Capture ubeka ngokusobala ukuthi i-ANC iqembu lezigebengu elizenza iqembu lepolitiki.

Esitatimendeni umholi we-DA u-John Stennhuisen usekhwele wadilika kwi-ANC njengoba ethi kumele kube khona abathola ukushushiswa, abathintwa kulombiko.

Lomqulu ucacisa ngenkohlakalo ebiyenzeka phakathi kwenkampani iBosasa kanye ne-ANC

Kubukeka sengathi lowo owayengumengameli u-Jacob Zuma, owayengungqongqoshe uNomvula Mokonyane kanye nowayengunobhala-jikelele we-ANC uGwede Mantashe bayathinteka enkohlakalweni yaseBosasa.

U-Stennhuisen uthi uma uRamaphosa ezimisele ngokukhuculula inkohlakalo kumele aqale ngokulungisa ikhabinethe yakhe nathi igcwele izigebengu .

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background