U-Steenhuisen ukhala ngomthelela ongemuhle ngokungaboni ngasolinye ne-Melika. 

Written by on 10 February, 2025

By: Phakeme Mnguni

Ungqongqoshe wezoLimo uJohn Steenhuisen usezwakalise ukukhathazeka ngokungaboni ngaso linye kwakamuva okuphakathi kweze laseMelika kanye neNingizimu Afrika, waveza ukuthi lezinxushunxushu zingase zibe nomthelela omubi embhonini yezolimo.

Ekhuluma eCeres, eNtshonalanga Kapa, ​​uSteenhuisen uveze ukuthi abalimi, nabakhiqizi abathumela impahla kwamanye amazwe yibo abazokhahlamezeka kakhulu.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli waseMelika uDonald Trump umemezele ukuthi umisa uxhaso lokusiza iNingizimu Afrika ekulwisaneni negciwane lesandulela ngculazi, emva kwaloko wamemezela ukuthi usesayinde incwadi yesigungu esiphezulu ngoLwesihlanu olwedlule, emisa usizo lwangaphandle oluza kuleli nokubeka eqhulwini ukuhlaliswa kabusha kwamaBhunu njengezisulu zokucwaswa ngokwebala eMelika njengababaleki.

Kanti ke uSteenhuisen usecele kuhlalwe phansi ngokuphazima kweso nabaholi base-US ukuvimbela imiphumela emibi futhi kugcinwe ubudlelwano obuqinile bezohwebo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background