U-Steenhuisen uphika izinsolo zokulekelela ekuphucweni kwamabhunu umhlaba.

Written by on 19 February, 2025

By: Sthulile Mdletshe

Ungqongqoshe Wezolimo uJohn Steenhuisen usegxeke inhlangano yosomabhizini i-SAKELIGA ngokuphehla udweshu isabalalise iminingwane engelona iqiniso, ngomthetho ethi ayeneme ngawo osanda kuphasiswa kuleli wokubuyiswa komhlaba.

Lokhu kuza emva kokuthi lenhlangano isole u-Steenhusien ngokwenza izinguquko, ethi zizohlomulisa abantu abamnyama kuphela.

Oyisikhulu sakwaSakeliga, u-Piet le Roux uthi uSteenhuisen usebenzisa imali yokuxhasa abalimi, ukuthuthukisa abathize abangaphansi kohlelo lwahulumeni i-Black Economic Empowerment.

u-Le Roux usephinde wasola u-Steenhuisen nangokwehluleka ukuthatha uhlangothi, odabeni athi lubeka engcupheni ukuthathelwa kwamabhunu umhlaba.

Eziphendulela ngalezi zinsolo u-Steeenhuisen usebeke kanje;

“Okokuqala, umnyango wezolimo awuwona umgadi we-BBBEE. Ukuba i-Sakeliga kanye noLe Roux benze ucaningo oluncanyana nje, beluzobakhombisa ukuthi ukufakwa kwalemithetho kugazethi kanye nokumenyezelwa kohlaka lwezakhiwo nokulawula kwazo, kwenziwa umnyango wezohwebo nezimboni.”

 

Lalela i-bulletin egcwele;


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background