U-Steenhuisen Uzwelana Nomphakathi wase-Phoenix
Written by Mfundo on 4 August, 2021
By: Lindelani Mbatha
Umholi weDA uJohn Steenhuisen usesole ungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele ngokukhuluma ngezinkinga ezibhekene nabomdabu wasendiya ePhoenix kodwa eseNanda, enyakatho yetheku.
Izolo uCele ubenesithangami sabezindaba esikhungweni samaphoyisa eNanda, nalapho eveze khona ukuthi abakwasidlodlo sebeshaqe izibhamu ezingaphezu kuka-150 kuzinkampani zonogada ePhoenix.
Baphinde bashaqa ezinye ezingu-112 ngesikhathi bengena umuzi ngomuzi.
Emasontweni amathathu adlule kubulawe abantu abangu-36 ePhoenix, abangu-30 kulabo badutshuliwe kwathi abanye bashawa kanzima.
U-Steenhuizen uthi uCele bekumele akhulume ngezinkinga zasePhoenix, ekuyo leyandawo, hhayi ngaphandle.
Uqhuba ngokuthi ukhathazekile ukuthi izinkampani zonogada eziningi zase-Phoenix azinazo izibhamu ukuvikela lendawo.
U-Steenhuisen uthi ukuphucwa kwabantu bakulendawo izibhamu sekudalele ukuthi bahlalele ovalweni.