U-Van Damme Akayizwe Eyekhefu Eliyimpoqo Alinikwe iDA

Written by on 6 December, 2020

By: Mfundo Mabaso

UMholi weDA kuzwelonke uJohn Steenhuisen useyalele ilungu lalenhlangano ephalamende nelibhekelele ezokuxhuma nezobuchwepheshe, uPhumzile van Damme ukuthi lithathe ikhefu.

U-Van Damme akachithanga sikhathi njengoba eye enkundleni yezokuxhumana, iTwitter, wazwakalisa ukudumala kwakhe ngalesisinqumo.

Nalapho aveze khona ukuthi yena akalicelanga lelikhefu, uvele watshelwa, okuyikho okumangazayo ngoba ngokwakhe nokodokotela bakhe, uphila saka.

U-Van Damme uqhube ngokuthi uzosilandela lesisinqumo kuze kuphele uMarch wonyaka ozayo, okuyilapho azobe esesiphonsela inselelo ngabameli bakhe.

Ekhuluma nabezindaba eThekwini uSteenhuisen ubeke kanje ngaloludaba,

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/xD1QNWwXK4rDBY&podcast_id=cc38f8f9-7bbf-4e82-a5e9-0fe0ea3ac0c5″ width=”100%” height=”200″]


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background