U-Zikalala Ufuna Kuqine Ezokuphepha Kulandela Ukubulawa Kwabathathu

Written by on 14 September, 2021

By: Bright Ntuli

Usihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uSihle Zikalala uthi sebecele abomthetho ukuthi babonakale ezindaweni ezaziwa njengo alubhadwa, noma lakusola khona izinxushunxushu zezepolitiki.

U-Zikalala usho kanje ngenkathi ekhulama nabezindaba ngemva kokuthi yena nobuholi be-ANC behambele imindeni yabesifazane abathathu ababulawe eNanda enyakatho yeTheku ngempelasonto.

Laba besifazane badubuleke bashona ngenkathi imoto engaziwa ivele yavulela ngenhlamvu kubantu abebehambele umhlangano waleliqembu obuku ward 54, khona eNanda.

Kulesigameko kuphinde kwalimala nabanye abantu abangu-5 njengathi sebebaleka bepitshizana.

U-Zikalala useveze nokuthi bazozama nokulekelela imindeni yalaba abashonile, ekugcizelela nokuthi bayafisa kodwa ezokuphepha ziqine.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background