U-Zikalala Ukhuza Udlame Lokudubulana

Written by on 13 July, 2021

By: Zilungile Mkhize

UNdunankulu wakwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, uthi ukudubulana okuqhubekayo phakathi kosomabhizinisi abavikela amabhizinisi abo kanye nomphakathi ontshontsha ezitolo kuzodala impi enkulu kulesfundazwe.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba eThekwini, uZilalala uthi umonakalo osuwenzekile ngodlame oluqhubeka kulesifundazwe uzoba ngaphezulu kuka R1 billion.

Uthi maningi kakhulu amabhizinisi, izakhiwo kanye nempahla ecekeleke phansi ngenxa yaloludlame oluqhubeka esifundazweni.

U-Zikalala uthi okubi kunakho konke, ukuthi baningi abantu abazosala behlwempu uma sekudlule lezidubedube.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background