U-Zikalala Uthembisa Ukubhekana Ngqo Nesihlava Sokubulalana Kosopolitiki

Written by on 13 September, 2021

By: Mfundo Mabaso & Lindelani Mbatha

UNdunankulu wakwaZulu-Natal uSihle Zikalala uthi ukhathazekile ngezigameko zodlame oluhlobene nezepolitiki, ezibukela phansi intando yeningi.

U-Zikalala usho kanje kulandela ukudutshulwa kubulawe abesifazane abathathu, kwalimala abahlanu ngempelasonto, kuWard-54 eNanda, eNyakatho yeTheku.

Lesisigameko senzeke ngaphandle kwesikole iBuhlebethu lapho obekubanjelwe khona umhlangano weANC, nokuyilapho okudlule khona iVeni ebinabantu yavulela ngenhlamvu.

UNdunankulu uthi lesi isenzo sobukhotheni nobudlwembe kanti futhi kufanele babhekane naso ngqo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, zinyunyana zothisha kulesisifundazwe zithi zikhathazekile ngalezigameko zodlame, neseziholele ekutheni kuvalwe lesisikole.

Lesisikole sivalwe emvakokuba namhlanje ekuseni kuqhamuke izimonto ezimbili zihubhana ngezibhamu, kwakhala ubumaye maye abafundi kanye nothisha becela empunzini.

UNobhalala weSADTU kulesisifundazwe, uNomarashiya Caluza, uthi izikole ezokufunda hhayi ezokuqhuba izenzo zobugebengu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, uNobhalala jikelele weNATU, uCynthia Barnes, uthi izingane nothisha aziphephile kulesiysikole.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background