U-Zikalala Uthi Banezinhlelo Zokuthuthukisa Impilo Yawowonke Umuntu

Written by on 8 April, 2022

By: Bright Ntuli

UNdunankulu wakwaZulu-Natal uSihle Zikalala, uthi uhulumeni wakhe uzibophezele ekusebenzisaneni nezinhlaka ezahlukene ukwenza i KZN ibe yindawo enempumelelo kuwona wonke umuntu.

U-Zikalala usho kanje ngemva komhlangano abe nawo nobuholi buka masipala waseMsunduzi, maphakathi nesifundazwe.

Inhloso yalomhlangano bekuwukudingida ngezindlela ezingasetshenziswa ukuqinisekisa ukuthi usebenza ngendlela efanele.

U-Zikalala uthi lomhlangano ube yimpumelelo kanti uqhuba ngokuthi bayakholwa ukuthi izikhalo ekade zaziphakanyiswa umphakathi walendawo, osomabhizinisi kanye nezinye izinhlaka zidinga ukusukunyelwa ngokushesha.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background