U-Zikalala Uthi Iyadingeka i-Youth League

Written by on 23 March, 2022

By: Bongani Gina

Usihlalo we-ANC KwaZulu Natal uSihle Zikalala uthi kwaba yiphutha elikhulu ukuhlakazwa kobuholi be-Youth League bukazwelonke, nasezifundazweni.

U-Zikalala usho lokhu ekhuluma esithangamini ebesidingida ngendlela i-ANC eyenza ngayo okhethweni lohulumeni basekhaya lwangonyaka owedlule.

I-ANC ilahlekelwe yinqwaba yomasipala kulesifundazwe nakwezinye, kanti nokwesekwa kwayo kwehla kwaba ngaphansi kuka-50%.

U-Zikalala uthi kufanele ivuswe i-Youth League ezolwela izidingo zentsha noma ngabe lokho kusho ukuphikisana nobuholi be-ANC imbala, inqubo nje uma kulwelwa izidingo zentsha.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background