U-Zikalala Uthi Izibhelu Zango July Zabazuma Nabo

Written by on 26 November, 2021

By: Sthulile Mdletshe

UNdunankulu wakwaZulu-Natal, uSihle Zikala, uthi amaphoyisa abhekena nenkinga enkulu ngesikhathi isifundazwe sigubezelwe izibhelu nodlame olwabonakala ngo July.

U-Zikalala usevele phambi kwekhomishana yamalungelo abantu iHRC, nephenya ngezigameko ezenzenzeka ngalelo sonto nezaphuma nemiphefumo yabantu abangaphezu kuka-300 eKZN nase Gauteng.

E-Phoenix enyakatho yeTheku, kwashona abantu abangu-33 iningi lafa ngenxa yokuhlaselwa ngabomdabu wase Ndiya ababebambe izivimba mgwaqo ngokungemthetho.

UZikalala uthi lezibhelu zaba zuma njengohulumeni wesifundazwe, ngoba iKZN yayingenawo umnyango obhekelele ezobunhloli nokuvikelwa kombuso, ukubaqwashisa.

Uthi kwakungelula nokuthi asebenzise izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza abantu.

Uqhuba ngokuthi okubalulekile abakubonile ukuthi amaphoyisa asadinga ukuqeqeshwa kabusha ukubhekana nezimo ezifana nalezi ezaba khona.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background