U-Zikalala Uvakashele Umndeni Womfana Obulawe ePhoenix

Written by on 20 July, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNdunankulu wakwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, uthi ukhathazekile futhi ushaqekile ngokubulawa komfanyana obeneminyaka engu-11 ubudala ePhoenix, enyakatho yeTheku.

U-Zikalala kanye nobuholi besifundazwe bahambele umndeni kaThulasizwe Nzimande , odutshulwe wabulawa kuleyandawo ngesonto eledlule.

Lomfanyana ungomunye wabantu abangu-20 okusolwa ukuthi babulawe ngabomdabu waseNdiya  ngeskhathi sothuthuva lokugqekezwa kwezitolo,  abantu bezitapela impahla.

Lesigameko senzeke emva kokuba abamdabu waseNdiya bevale imigwaqo, bengavumeli muntu, ikakhulukazi omnyama, ukuba angene ePhoenix ngesikhathi salezibhelu.

U-Zikalala uthi ukubulawa komtwana ngalendlela kuyadumaza ngoba kukhulu okusuke kulindeleke kuye.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background