U-Zondo no-Malema Sebetholane Phezulu

Written by on 6 April, 2022

By: Lindelani Mbatha

Inhloko yamajaji uRaymond Zondo kanye nomholi weEFF uJulius Malema bayaqhubeka nokungaboni ngasolinye, njengoba kube nokuhilizisana ngesikhathi kuqhubeka inhlolokhono yamajaji asenkantolo yomthetho sisekelo.

U-Malema usola uZondo ngokusiza ijaji uDavid Unterhalter ukuphendula enye yemibuzo ethinta ukubandakanyeka kwakhe ecaleni elalisuka enkantolo yokubuyekezwa kwamacala, lapho elaliphethwe nguye liyiswa enkantolo yomthethosisekelo nalapho u-Unterhalter ayephinde ahlale khona.

Lombuzo ububuzwe ukhomishana uMvuzo Notyesi ukuthi kwakulungile yini ukuthi azibandakanye nalelicala uma selise Con Court, ngoba nguye owayeliphethe eSupreme Court of Appeal.

Uthe engakaphenduli, uZondo wabe esengenelela ephendula lombuzo nalapho uMalema ephakamise ukunganeliseki ngendlela lenhloko yamajaji ehola ngayo lenhlolokhono.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, i-JSC isimemezele ukuthi isimuhoxisile u-Unterhalter kulenhlokokhono.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background