U-Zondo Uchithe Isicelo Sika-Fraser

Written by on 2 December, 2021

By: Pamella Majola

Isicelo salowo owayengumqondisi kwaState Security Agency, uArthur Fraser, sokunikwa ithuba lokuhloma ofakazi abathize bekhomishana ephenya ngokubanjwa kombuso ngobhongwane, sesichithiwe.

Usihlalo walekhomishana uDeputy Chief Justice Raymond Zondo uthi uFraser wehlulekile ukubeka izizathu ezigculisayo mayelana nesicelo sakhe, ikakhulu lapho naye esolwa khona ngofakazi abathize.

U-Zondo uthi akukho lapho echaza khona ngezinhloso nokukhathazeka kwakhe, kodwa uzwakalisa ukungavumelani nje nokwashiwo ngaye kulekhomishana.

Phakathi kwabantu abefisa ukubahloma imibuzo, kubalwa izikhulu ezithize ezazisebenza kwa SSA, uGibson Njenje, Moe Shaik, Mzuvukile Maqetuka kanjalo nowayengu Ngqongqoshe uSydney Mufamadi, owayeqokwe njengosihlalo wethimba lezobunhloli elaliphendula ngqo kuMengameli Cyril Ramaphosa ngo-2019.

Ethula isinqumo sakhe ngesicelo sika Fraser, uZondo ubeka kanje:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background