U-Zondo Ugadla ku-Sisulu
Written by Mfundo on 13 January, 2022
By: Lindelani Mbatha
Oyinhloko yamajaji osabambile uRaymond Zondo uthi kuyiphutha ukuthi abantu abasezikhundleni eziphezulu zikahulumeni bengavele baphaphame nje, bethuke amajaji akuleli.
U-Zondo ubekhuluma nabezindaba ngalokhu okubhalwe ngungqongqoshe wezokuvakasha uLindiwe Sisulu kwelinye lamaphephandaba.
U-Sisulu usole abezomthetho, okufaka amajaji ngokucindezela abomdabu kuleli, nokungasizi ngalutho ukuletha uguquko kulabo ababecindezelwa ngesikhathi sobandlululo.
U-Zondo uthi amajaji enza omkhulu umsebenzi, ngaphandle kokukhetha iphela emasini.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.