U-Zondo Usefake Esinye Isicelo Sokuqhubeza Ikhomishana

Written by on 17 June, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Usihlalo wekhomishana ephenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso noyiphini lenhloko yamaJaji, uRaymond Zondo, usefake isicelo sokuba kuphinde kwelulwe isikhathi sokuhlala kwalekhomishana.

Uthi badinga ezinye izinyanga ezintathu ukuqedela umsebenzi wabo.

UZondo uthi lesicelo usifake enkantolo ephakeme eGauteng namuhla, ekhala ngokuthi usemningana umsebenzi abangakowuphothuli.

Uthi ngisho noMengameli wezwe uCyril Ramaphosa kusamele azofakaza futhi ekupheleni kwalenyanga, kodwa uma inkantolo imnikeza isivuna isicelo sakhe uzokwazi ukulalela ubufakazi bakhe nabanye ofakazi abahlanu ababalulekile ngoJuly.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background