U-Zondo Uthembisa Ukunakekela Amajaji
Written by Mfundo on 4 February, 2022
By: Lindelani Mbatha
Inhloko yamajaji esabambile uRaymond Zondo uthi mayenikezwa isikhundla sokuba yinhloko yamajaji uzoqinisekisa ukuthi ubhekelela izinkinga ezibhekene namajaji ezinkantolo.
uZondo wenza inhlolokhono yokuba yinhloko yamajaji eGoli.
Waqala ukuba yijaji lenkantolo ngo-1999 emvakokuqokwa ukuba abe yijaji enkantolo yesifunda iTransvaal.
Abanye okade benza lenhlolokhono ngumengameli wamajaji enkantolo Enkulu Yokudluliswa Kwamacala uMandisa Maya, yijaji enkantolo yomthetho sisekelo uMbuyiseli Madlanga, kanye nomengameli wamajaji eseGauteng uDustan Mlambo.
Useveze ukuthi ziningi izinkinga ezibhekene namajaji kanye nezinkantolo ezinye zazo ukungasebenzi kwezobucwepheshe, ukungabibikho kwama-Aircon kanye nokungalungiswa kwamabhilidi.
U-Zondo uthi mayenikezwa lesisikhundla uzobhekana ngqo nazlezinkinga.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Uqhuba ngokuthi uyazigqaja ukuthi wabayinxenye yethimba elabhala umthetho wabasebenzi iLabour relations act.
U-Zondo uthi kuyathokozisa ukuthi waba yingxenye yethimba elabhala lomthetho okungowokuqala ngemuva kombuso wobandlululo.