U-Zulu Uthi Abantu Kumele Bazi Ukuthi Benzenjani Uma Kunezinhlekelele
Written by Mfundo on 12 January, 2022
By: Lindelani Zulu
Ungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi uLindiwe Zulu uthi imiphakathi kumele yazi ukuthi uma kusha imililo noma kunesiphepho kumele yenzenjani.
U-Zulu ubekhuluma ngesikhathi eyohlola umonakalo odalwe yimvula enamandla esifundazweni iEastern Cape.
Kulesisigameko kudlule emhlabani abantu abangaphezu kuka-14.
I-KZN nayo ayisindanga kulezimvula njengoba kucekeleke phansi imizi engaphezu kuka-1 600, kwaphinde kwadlula emhlabeni abantu abangu-4 okufaka kubo nomtwana oneminyaka engu-3 owaminza kwaMaphumulo.
Ngaphansi komasipala uMgungundlovu ingu-400 imizi ecekele phansi, besekuthi kumasipala Ilembe ingu-300 imizi ethintekile.
U-Zulu uthi ziningi izimvula ezisazohlasela elakuleli.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.