U-Zuma Limshonele…
Written by Mfundo on 29 June, 2021
By: Lindelani Mbatha & Zilungile Mkhize
Inkantolo yomthethosisekelo wezwe isigwebe owayengumengameli wezwe uJacob Zuma izinyanga ezingu-15 ebhadla ejele.
uZuma utholakale enecala lokuphula nokudelela umyalelo wenkantolo enkulukazi ezweni iCon-Court, eyathi kumele avele kukhomishana kaZondo ephanya ukugwamandwa kwamandla ombuso, iState capture.
Kuzokhumbuleka ukuthi wala waphetha ukuvela kulekhomishana wabeka izizathu zokuthi ngeke avele kuyo kusekhona usihlalo wayo uRaymond Zondo.
Umsola ngokwenzela kanye nokuqhuba izinhloso ezithile zombusazwe, wabe esekubeka ngembaba ukuthi engamane ayothothoza ejele kunokuvela kulekhomishana.
Inkantolo iphinde yakuphika ukuthi uZuma kukhona amalungelo akhe abukelwephansi kanye nashaywe indiva yikhomishana kaZondo.
Ethula isinqumo samajaji alenkantolo, uJustice Sisi Khampepe, uthi ukunikeza Zuma isigwebo esilengisiwe kuzokwenza nabanye abantu bengayihloni imibandela yomthethosisekelo.
Khonamanjalo, amajaji alenkantolo aseyalele uZuma ukuba azinikele emaphoyiseni aseNkandla enyakatho yekwaZulu-Natal, noma esiteshini esiseGoli khona ezoyoqala isigwebo sakhe.
U-Khampepe uqhuba ngokuthi uNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele nokhomishana wakhe uKhehla Sitole, banelungelo lokuthumela abakwasidlodlo ukuba bayombopha uma sekuphele lezinsuku ezinhlanu abekelwe zona.