U-Zuma Uthi Basaqhubeka Nokusiza Imiphakathi
Written by Mfundo on 29 April, 2022
By: Nompendulo Ngubane
Imeya kamasipala wesifunda uMgungundlovu, uMzi Zuma, ithi bonke labo abayizisulu zokumukelwa izindlu ngenxa yezikhukhula bayananakelwa iminyango kahulumeni efanele.
U-Zuma uthi okwamanje abantu abangenamakhaya bagcinwe ehholo lomphakathi i- Truro, endaweni yase Northdale, nokuyiyona ndawo eyodwa eMgungundlovu esisele negcine abantu abakhahlamezeka.
Uthi abanye abangenandawo babuyela ezindaweni zabo, kwathi abanye bakhetha ukuyohlala nezihlobo.
Uqhuba ngokuthi bebambisene nesikhungo sikahulumeni u SASSA, basaqhubeka nokusiza imiphakathi nalabo ababuyela ezindaweni zabo bayalandelelwa ukuze baluthole usizo.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.