U-Zuma uthi bazowaqoqa wonke amavoti okhethweni luka 2026.
Written by Phakeme Mnguni on 30 August, 2024
By: Nhlanhla Mbokazi
Umholi we-MK Party uJacob Zuma, uthi bahlela ukushanela okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2026.
Ekhuluma nabalandeli bakhe ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, lapho abevele khona ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo 2026.
Abalandeli beQembu le-MK bahlangane ngaphandle kwenkantolo ukuze bakhombise ukumeseka umholi wabo, osaphikelela ukuthi umsulwa ezinsolweni zenkohlakalo.
U Zuma uqikelele isidingo soshintsho wathi bafuna ukuphatha ukuze bashintshe impilo yomuntu omnyama.