Ubaqwaqwade Emakhanda OwaseMtuba

Written by on 24 February, 2021

By: Mthokozisi Manqele

Umfundi, uPhumlani Kwanele Zuma obalwa nabafundi abaphume phambili kulelizwe kuTechinical Science, udabuka eNomathiya High School eMtuba enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Usetshele izindaba zeGagasi FM ukuthi usizwe ukufunda kakhulu ngesikhathi kungakaziwa noma izikole zizovulwa yini, ngesikhathi kuqala isifo ikhovithinayintini.

uMthokozisi Manqele uyabika,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo uthishom’khulu wakulesisikole uthi bazizwa behloniphekile ngalo mphumela walo mfundi.

Uthishomkhulu uThulani Ndaba usetshele izindaba zeGagasi FM ukuthi isikole sakhe Sithole u56% konke lokhu kuyabajabulisa.

Lesi sikole singaphansi kwesifunda uMkhanyakude nawo owenze Kahle kwaGrade 12 ngoba ulele isithathu KwaZulu-Natal ngo-80.6%.

uNdaba Uthi umfundi wabo uPhumlani Zuma ubenze bahlonishwa ezweni.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background