Ubhadla Esitokisini Ummeli Wamanga Oqole Abantu

Written by on 27 October, 2021

By: Bright Ntuli

Owesifazane ongummeli mbumbulu nobesebaqedile abantu ebaqola izimali zabo, usenqatshelwe isicelo sebheyili enkantolo kamantshi eNtuzuma, enyakatho yeTheku.

Lowesifazane oneminyaka engu-30 ubudala ugcinwe esitokisini kanti icala lakhe lizoze liphindele enkantolo ngomhlaka 15 ngenyanga ezayo.

Ithumbu libhoboke ngemva kokuthi owesilisa oneminyaka engu-49 ubudala uze kulenkantolo ezocela izaluleko zabomthetho mayelana nomhlaba ayefuna ukuwuthenga.

Kubikwa ukuthi lowesifazane wabe eseza kuye, wazibiza ngommeli, wathembisa ukumsiza ngemadlana encane.

Sekuvele nokuthi akaqali ukwenza umkhuba ofana nalona.

Oyiskhulumi samaphoyisa uThembeka Mbele uyachaza:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background