UBheki Cele Ushiye Angalazi kwi-Action SA

Written by on 6 July, 2022

By: Zilungile Mkhize

Ungqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uBheki Cele usekhwele wadilika enhlanganweni ebhekelele imiphakathi i-Action SA, emusole ngokukhetha iphela emasini ngezokuphepha.

Lenhlangano ithi kunezindawo eziningi esifundazweni saseWestern Cape okumanje zithwele kanzima ngenxa yokungabibikho kwamaphoyisa anele.

I-Action Society itshele uCele ukuthi ukwehluleka kwakhe ukuqinisekisa ezokuphepha, kugqugquzela futhi kwandisa ubugebengu emphakathini.

Iqhuba ngokuthi ifuna umsebenzi wokuqinisekisa ezokuphepha uwele ezandleni zesifundazwe iWestern Cape.

Lokuqophisana ngamazwi phakathi kuka Cele nalenhlangano kwenzeke ngesikhathi ungqongqoshe ehambele abahlali base Gugulethu kusona lesiya sifundazwe.

Ephendula ilungu le Action SA, uCele usho kanje edinwe egane unwabu.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background