UBheki Cele Uthi Sekubekwe Imali Engu-65 Million Yokulwisana Nobugebengu Kuleli
Written by Mduduzi Phungula on 30 May, 2023
By: Lindelani Mbatha
UNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uthi umnyango wakhe usubeke eceleni imali elinganiselwa ku-R65 million ukuze bezobhekana nokubulawa kwabantu kanye nobugebengu.
UCele ukhulume kanjena ngesikhathi ethula izibalo zakamuva zobugebengu kuleli.
Lezizibalo ziveza ukuthi zehle ngo-3.4% izigameko zokubulawa kwabantu kodwa ke ezokudlwengulwa zona zisalokhu zibikwe njalo njengoba kusukela ngoJanuary sebengaphezu kuka-11 000 abantu ababike amacala okunukubezwa ngokocansi.
[JUST IN] Police Minister Bheki Cele says murder rate has increased countrywide, by 3.4% between January and March 2023. #GFMNews
— Gagasi FM News (@GagasiFMNews) May 30, 2023
Isifundazwe saKwaZulu-Natal sisalokhu sizihole phambili ngezigameko zokubulawa ngobuningi kwabantu, njengoba sinezisulu ezingaphezu kuka-200.
UCele uthi ngokunikezela amaphoyisa ngalemali bafuna ukulwa nobugebengu ngayoyonke indlela.