UBlade Ukhala Ngenkohlakalo Ebhekene NeNingizimu Africa

Written by on 14 July, 2022

By: Zilungile Mkhize

Unobhala jikelele wenhlangano yamaKhomanisi, nosephuma esikhundleni uBlade Nzimande uthi iNingizimu Africa ibhekene nengwadla yenkohlakalo eyenza izwe libe nezinkinga ezingapheli.

Lenhlangano ibambe ingqungquthela yayo eBoksburg, eGauteng, neqale izolo.

Lengqungquthela ilindeleke ukuthi ikhethe nobuholi obusha benhlangano iSouth African Communist Party, neyenzeka nje uNzimande usanda kumemezela ukuthi uyehla esikhundleni sakhe asehlale kuso iminyaka engu 24.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba, uNzimande uthi ukubheduka kwe COVID-19 kuleli, kuveze obala izinkinga lelizwe elisabhekene nazo futhi okusazoba nzima ukuzixazulula ngenxa yenkohlakalo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background