uBongo Ufuna Ukuziphendulela kwiKhomishana kaZondo

Written by on 5 May, 2021

By: Zilungile Mkhize

Owayengungqongqoshe wezobunhloli, uBongani Bongo, useyalele usihlalo wekhomishana ephenya nge state capture uRaymond Zondo, ukuba amubize naye azokwethula uhlangothi lwakhe ngezinsolo asebekwe zona.

Lokhu kulandela ubufakazi obuthulwe ngesinye sezikhulu kwezobunhloli, u-Isaac Dintwe, kuyo le khomishana.

UDintwe uveze imininingwane ngokugxambukela kwezepolitiki athi kwenziwa Bongo kwaState Security Agency.

Usechaze okwenziwa nguBongo njengokwedelela nokungahambisani noMthethosisekelo.

UBongo uthi uzimisele ngokuzoziphendulela phambi kuka Zondo ukuvikela izinqumo ayezithatha nesithunzi sakhe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background