Ubufakazi Obushaqisayo Ngomfundisi Osolwa Ngokubulala
Written by Mfundo on 12 May, 2021
By: Nompendulo Ngubane
Umndeni wakwa Sibisi eHopewell, uthi usashaqekile ngobufakazi obulokhu buvela, enkantolo yama Jaji eMgungundlovu, ngoMfundisi.
Lomndeni wangaphandle kwaseMgungundlovu, uthi lobufakazi bebuvezwa umlisa onguMfundisi, ona 73 weminyaka, osolwa ngokugenca abulale umama wabo kanye nabazukulu bakhe.
Lesigameko esashiya imiphakathi ishaqekile ngesenzo salomfundisi, senzeka ngonyaka odlule.
Lomsolwa usetshele inkantolo ukuthi wabulala lama lungu alomndeni eyalelwe inyanga ngoba efuna ukuthwala ukuze akhuphuke ngokwesikhundla ebandleni lakhe.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.