Ubuholi bendabuko bugxeka isenzo somlisa (50) ngokudlwengula indodakazi yakhe kusukela ineminyaka engu-12.
Written by Phakeme Mnguni on 27 March, 2025
By: Nompendulo Ngubane
Ubuholi bezepolitiki nobendabuko endaweni yaseMgababa eNingizimu nesifundazwe sebusigxekile isenzo sowesilisa oneminyaka engu-50 obhekene necala lokudlwengula indodakazi yakhe.
UBrian Ngcobo, okumanje uvalelwe ngaphakathi ejele, uzinqabele yena ibheyile emva kokuvela enkantolo kaMantshi eMbumbulu ngolweSithathu ecaleni lokusolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe kusukela ineminyaka engu-12, njengoba manje isineminyaka engu-16.
UNgcobo kusolwa ukuthi akagcinanga ngokudlwengula indodakazi yakhe, kodwa wayikhulelisa, wabe eseyikhiphisa isisu emva kwalokho, wabe esegqiba umbungu.
Ikhansela lika ward 67, uSphephelo Mnyandu, ongomunye othamela leli cala, uthi lesi senzo siyihlazo kanti silulaza isithunzi samadoda.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.