Ubumnyama Busazohlasela Kuleli

Written by on 4 May, 2022

By: Lindelani Mbatha

Inkampani ephakeli lelizwe ngogesi uEskom isimemezele ukuthi uzokwethula uhlelo lwesigaba sesibili seLoadshedding kuze kube uMsombuluko.

Lenkampani ithi okwenza lokhu wukuthi ayinawo amandla anele okusabalalisa ugesi kulolonke leli.

Emasontweni amabili adlule oyisikhulu esiphezulu kwaEskom uAndre de Ruyter wamemezela ukuthi izakhamuzi zaseThekwini angeke zikhahlamezeke kuLoadshedding ukuze zizokwazi ukubhekana nomonakalo wezikhukhula.

Njengoba sekumenyezelwe etsha akekhoke owaziyo ukuthi ngabe izakhamuzi zeTheku zisashiywe ngaphandle yini.

Oyisikhulumi sakwa Eskom uSikonathi Mantshantsha uyanaba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background