Ubuyelwe Yithemba Owabulala uHani
Written by Mfundo on 7 December, 2021
By: Nhlakanipho Mnqayi
UJanusz Walus, nodonsa udilikajele ngokubulala umholi we South African Communist Party uChris Hani, useze walithola ithuba lokuyoncenga amajaji enkantolo yomthetho sisekelo ukuthi alalele isicelo sakhe sokudedelwa ejele ngoshwele.
Imizamo ya Walus yokuthola ushwele isibhuntshe kaningana ezinkantolo, kanti nomndeni wakwa Hani usalokhu ushaya phansi ngonyawo uthi akumele adedelwe kuze kube ukhuluma iqiniso ngokwenzeka kulowonyaka ekwabulawa ngawo uHani.
Ummeli wakhe uJulian Knight uthi unethemba lokuthi iConCourt izophuma nesinqumo esihlukile kulezo esezike zenziwa phambilini.
Umlisa aboshwa naye ecaleni lokusoconga uHani, uClive Derby-Lewis, naye owayedonsa udilika jele wadedelwa ngoshwele wokugula ngo 2015, washona ngonyaka owalandela loyo ephethwe yisifo somdlavuza.
I-ConCourt isiyoze isilalele ngo February wangonyaka ozayo isicelo sika Walus.