uCele Ugxeka uMalema Ngokuphehla Udweshu
Written by Mfundo on 24 November, 2020
By: Sthulile Mdletshe
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele usenxuse amaphoyisa ukuba azivikele kulokho akholelwa ukuthi kuyizinsongo eziqhamuka kwiqembu le -EFF.
Lokhu kulandela inkulumo yomholi waleliqembu uJulius Malema etshela abalandeli bakhe ukuthi bangangabazi ukuziphindiselela amaphoyiseni.
Kamuva nje amalunga e-EFF asanda kutholana namaphoyisa ngenkathi emashela esikoleni e-Breckenfal High, kwimashi abayichaza njengenye ebihlose ukulwisana nobandlululo kulesisikole.
Egxeka inkulumo yaMalema, uCele uthi umsebenzi wamaphoyisa ucacile futhi ubekiwe kuMthethosisekelo ukuthi ukuvikela umphakathi.
Uqhuba ngokuthi akekho umuntu onelungelo lokusongela amaphoyisa uma enza umsebenzi wawo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.