UCele Uhambele Imindeni Yezisulu Zase-Nanda

Written by on 14 September, 2021

By: Pamella Majola

UNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uthi abakwasidlodlo kumele basebenzisane namalungu omphakathi ukuthola izigebengu ezibulale abesifazane abathathu eNanda, enyakatho yeTheku.

U-Cele ehambisana nongqongqoshe wezokuvikelwa kwezwe ehhovisini likamengameli uZizi Kodwa, uhambele lendawo ukuzohlangana namalunga omndeni wezisulu kanjalo nokuthola kabanzi ukuthi kwenzakaleni.

Ekhuluma nabezindaba uCele uthi into ebaphatha kabi kakhulu ukuthi abantu abalinyaziwe abantu abakhulile, nathi lesenzo esokusabisa abantu ukuthi bangazibandakanyi nokhetho lohulumeni wasekhaya oluzoba ngoNovember.

U-Cele uthi zintathu izifundazwe ezinika umnyango wakhe inkinga ekubalwa kuzo iGauteng, iWestern Cape kanye neKZN.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background