uCele Ukhwela Uyadilika Kwamaphoyisa Angotsotsi

Written by on 4 May, 2021

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wamaphoyisa, uBheki Cele, usexwayise abakwasidlodlo abazibandakanya ezenzweni zobugebengu, ukuthi ngeke akhonjiswe zwelo uma esekhalelwe ngamasongo kasogonyela.

uCele usho kanjena kulandela ukuboshwa kwamaphoyisa asolwa ngokusebenzisana nosomabhisinisi obhekene noxhaxha lwamacala obugengu, okubalwa nelokuzama ukubulala, uqweqwe lommeli uNafiz Medock, eKapa.

Lamaphoyisa asolwa ngokunikeza ngasese lomsolwa imniningwana ethize ebalulekile ecaleni abhekene nalo nokunye.

uCele uthi umsebenzi wamaphoyisa ukuvikela umphakathi, alwisane nobugebengu, hhayi ukutholakala engene shi ebugebengwini.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background