uCele Ushoshozela Eyamaphoyisa Nomphakathi

Written by on 25 May, 2022

By: Sithulile Mdletshe

Ungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uthi ukubambisana phakathi kwamaphoyisa kanye nama forum emphakathini kungasiza ukwehlisa izinga lobugebengu elikhuphukayo.

UCele wethule isabelomali sika-R100 billion ePhalamende.

Kulesi sabelomali usegcizelele kakhulu isidingo sokuthi amaphoyisa asebenze ngokubambisana nama forums omphakathi angaphezu kuka-700 ezweni lonke.

Uthi emva kokubheduka kwezibheli zango July ngonyaka odlule kucace bha ukuthi izikhamazi zidinga ukuba nobudlelwano namaphoyisa ukulwisana nobugebengu.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background