UCele Uthi Amaphoyisa Ayakudinga Ukuvikeleka Emphakathini

Written by on 10 January, 2022

By: Zilungile Mkhize

Ungqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthi imiphakathi kumele isebenzisane nabakwasidlodlo ukulwa nesihlava sokuhlaselwa kubulawe amaphoyisa kulelizwe.

Uthi akukwazi ukuthi abantu abasebenza kanzima ukulwa nobugebengu, bagcine nemiphakathi iphephile, bahlaselwe kungabi ndaba zalutho.

Lokhu kulandela ukushona komphathi wesiteshi sase-Elukwatini, eMpumalanga.

U-Beauty Marivate wadutshulwa ngabantu abangaziwa namanje, abavulela ngenhlamvu emotweni yakhe ngesikhathi ezophenya ngesigameko sokuphangwa kwesinye sezitolo ezinkulukazi kulendawo.

Okhulumela uCele, uLirandzu Themba, uthi uMarivate obeneminyaka engu-55 ubudala, ushiye emhlabeni izingane ezine nabazukulu abangu -9.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background