UCele Uthi Kushuthi Wadidwa Isilungu Enkulumweni Yakhe Ngabadlwengulwa

Written by on 11 August, 2022

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uthi abantu abamzwanga kahle ngesikhathi ekhuluma ngalabo abanukubezwa ngokocansi eGauteng.

UCele ubekhuluma phambi kwamalunga ephalamende abheka ukungena kwabantu kuleli ngokungemthetho.

UNgqongqoshe wamaphoyisa usolwa ngokukhuluma budedengu, ngesikhathi ekhuluma nezisulu ngesikhathi ethi oyedwa walezisulu waba nenhlanhla ngoba wadlwengulwa ngumuntu oyedwa.

Izakhamuzi kanye namalunga ephalamende asola uCele ngokuthi inkulumo yakhe iveza ukuthi kushuthi isisulu kwakuvele kufanele sinukubezwe ngokocansi.

UCele uthi mhlampe inkinga kwaba ngukuthi wayekhuluma isilungu.

 

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background