UCele uyakhuphika ukuthi izigebengu zizithatha emaphoyiseni izibhamu

Written by on 5 March, 2020

Ungqongqoshe wamaphoyisa, uBheki Cele, uthi akusilo iqiniso ukuthi izibhamu ezingekho emthethweni kuleli zithathwa emaphoyiseni.

uCele ubephendula imibuzo yamalunga ephalamende.

Ilunga leEFF ephalamende, uHenry Shembeni, utshele ungqongqoshe ukuthi izibhamu eziningi ezisezandleni zezigebengu zidalwa ubudedengu bamaphoyisa.

uCele uthi ezinye izibhamu izigebengu zizithatha kulabo abadayisayo nalabo abasuke sebezithengile.

Listen here:

By: Lindelani Mbatha

Tagged as

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background