uChiliza Ugqugquzela Ukuthula eNdlunkulu

Written by on 4 May, 2021

By: Lindelani Mbatha

Usihlalo wendlu yabaholi bendabuko KwaZulu-Natal, Inkosi uPhathisizwe Chiliza, uthi unethemba lokuthi indlu yobukhosi bakwaZulu izokwazi ukusebenzisana.

Izolo amanye amalunga asendlunkulu abambe isithangami sabezindaba nalapho ephakamise ukungenami kwawo ngendlela uNdunankulu wesizwe samaZulu, Inkosi uMangosuthu Buthelezi enza ngayo izinto.

Lamalunga okufakaphakathi uNkosazana uThembi Ndlovu nogudadewabo weSilo, asola uShenge ngokuwavalela ngaphandle.

Phambilini umtwana wakwaPhindangene usole amanye amalunga asendlunkulu ngokubamba inguyazana busithe.

Kanti uNdlunkulu omdala kaNgangezwelakhe, uSibongile Dlamini-Zulu, naye usefake amaphepha aphuthumayo enkantolo efuna kumiswe lokhu okubhalwe encwadini yefa leSilo, nokuthi ufuna ukuhlomula ngo-50% wefa.

uChiliza uthi indlunkulu kaZulu kumele ibe yisibonelo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background