Ucwaningo Luveza Ukuthi i-COVID-19 Ibhubhisile Kuleli

Written by on 18 February, 2021

By: Zilungile Mkhize

Isikhungo esicwaninga ngezifo iSouth African Medical Research Council (SAMRC), sithi cishe ingxenye enkulu yezakhamuzi kulelizwe sezike zangenwa igciwane iCOVID-19.

Lesikhungo sithi ucwaningo kanye nezibalo mayelana nokusabalala kwaleligciwane kukhomba ukuthi kukhona abantu asebeke baphathwa yiCoronavirus bengazi nokuthi leligciwane likhona emzimbeni.

Lolucwaningo luveze ukuthi iNingizimu Afrika ishayeke kunawowonke ezwenikazi iAfrica ngenxa ye COVID-19,

Kanti lelizwe linabantu abangaphezu kuka-140 000 asebeshonile ngenxa yezinye izifo okusolwa ukuthi zihlobene naleligciwane, yize bengakhombisanga ukugula okutheni.

i-SAMRC isho kanjena nje nenye yezinkampani zemishuwalense wezempilo ithi kungenzeka ukuthi kunenqwaba yabantu abashona benaleligciwane, kodwa kungaziwa ngoba bengazange bakhombise gisho nolulodwa uphawu lwalo.

Ngokwezibalo eziqinisekiswe umnyango wezempilo kulelizwe, sekushone abantu abantu abangu abangaphansi kancane kuka 48.500 ngenxa ye COVID-19, kanti abalinganiselwa ku 1.5million sebake balithola.

Nokho abacwaningi nochwepheshe kwezempilo bathi lezibalo zingaphansi kwalokho okumele engabe kuyikho.

iSAMRC iqhuba ngokuthi abantu abantu kumele baqhubeke nokuzivikela ngosho nama sebeke babanalo leligciwane.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background