Ukusocongana Kosopolitiki Kumele Kufanele Kufakelwe Izibuko – IPhalamende
Written by Mfundo on 31 January, 2022
By: Zilungile Mkhize
Usihlalo wekomidi lezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ePhalamende, uChina Dodovu, usenxuse uhulumeni ukuthi enze imizamo yokumisa ukubulawa kwamakhansela KwaZulu-Natal.
U-Dodovu uthi lokuhlasela kubulawe abaholi bezombusazwe emiphakathi sekufike esimeni esibucayi.
Ukuphawula kwakhe kulandela ukubulawa kwelinye futhi komunye usopolitiki, kulokhu uSomlomo wase Majuba District, uBhekumndeni Ndima.
U-Ndima naye udutshule ngabantu abangaziwa, abamthele ngemvula yezinhlamvu efika nje ekhaya lakhe ebusuku.
U-Dodovu uthi ukwehluleka kwabomthetho ukuthola ongqondongqondo balokubulala, yikona okwenza lesihlava siqhubeke nokusabalala.
Khonamanjalo oyisikhulumi se IFP uMkhuleko Hlengwa usenxuse amaphoyisa ukuthi aphenye ngendlela efanele khona kuzoshushiswa izinkabi ezithunywayo kanjalo nongqondongqondo balokubulala.
Kanti okhulumela uSipho Hlomuka nonguNgqongqoshe wezikubusa ngokuBambisana nezindaba zomdabu eKZN, uSenzelwa Mzila ubeka kanje.